Philanthropy@UKZN   |   

Umyalezo ophuma kuMqondisi Omkhulu

Professor Anesh Singh
Executive Director: UKZN Foundation

Lo nyaka uqale kahle kakhulu ku-Foundation.

Yize noma ezomnotho zintenga, iningi labaxhasi bethu abadala kanye nabanye abasha, sebelufakile uxhaso lwabo, okuyinto enhle emizamweni yethu yokuthola uxhaso yonyaka wezi-2019. Ukuze sivikele imvelo, umbhalo i- Development Brief ngeke isashicilelwa kodwa izotholakala ku-inthanethi ukuze uzifundele ngokukhululeka.

Umkhankaso i-“Share the Festive Cheer” uya ngokudlondlobala njengoba kukhuphuke uxhaso ngonyaka wezi-2018 ukuze kwesekwe ukuhlinzekwa ngokudla eNyuvesi. KuMasingana sethule uhlelo i- “Max Your Tax”, olwaluhlose ukulekelela amabhizinisi akhulise akuzuzayo kwezentela ngokunikela ku-Foundation. Ngikholwa ukuthi umkhankaso usanethuba lokukhula futhi usangakwazi nokukhuthaza eminye iminikelo ekuqaleni konyaka. Sizophinda futhi siqhubeke nomkhankaso uma sekuyisikhathi sentela. Ungathola eminye imininingwane ngokubheka isizindalwazi sethu.

Umkhankaso i-R67 for Mandela Month uhlonishwe yi-Nelson Mandela Foundation (NMF) njengomkhankaso oseqophelweni eliphezulu ngakhoke i-NMF ibambisene ne-UKZN Foundation ukuze kuthuthukiswe lo mkhankaso.

Igama nokubukeka kwawo kuzoguquka ukuze kuhlanganise nokukhangisa kwe-Nelson Mandela Foundation. Sinemisebenzi eminingi ethokozisayo esihlose ngayo ukwenza lo mcimbi ukuze ube yimpumelelo kunowangonyaka wezi-2018. Sizibekele umgomo wemali eyisigidi kulo mkhankaso uwodwa.

Kulo nyaka sigubha iminyaka engama-70 kwasungulwa i-Natal University Development Fund (NUDF). Lokhu sikugubha ngokuhlonipha abaxhasi bethu asebenesikhathi eside benathi, abanye babo asebekwenze lokhu iminyaka engamashumi amabili nangaphezulu.

Ngizonazisa ngokunye ngokuqhubeka konyaka. Ngiyabonga ngokusiseka kwenu okuqhubekayo. Ngokwesekwa yini, singenza umehluko omkhulu ezimpilweni zabantu baseNingizimu Afrika.